By Melusi Mthembu
Ngisalizw’ iphimbo lakho lingishushuzela,
Lingishushuzele kumamatheke nemvelo,
Lapho sekugqabashiya insizwa yakolanga,
Ngingelibale ngunonkanyezi wakwasibhakabhaka,
Ezembathise ngalengubo kaNomangqondo,
Ulithemba nomathemba ngobuhle bempilo,
Lumnandi uthando lwakho-ngizwa unqambothi,
Lugigiyela lungephuce ubumina ngawe,
Wena uyimpilo njengothando lwentombi nenziswa,
Ngagqemek’ engeqiwa ntwala inkamba beyibuza,
Ngangicabanga ingomuso ngawe themba lami,
Nganginamaphupho nezifiso ngawe nothando lwakho,
Wafika uzamcolo nesichotho ngacunuka
Ngasala ngiqungquluzile ngiyinsizwa yamabhele,
Sengiyokleza kuzo izaqheqhe zikanomangqondo,
Esemimilide wamaya waginga njengenhlwathi,
Angisophinde ngilunambithe lolonqambothi.14 Poems In 14 Days
Copyright Reserved 2022.
14poemsin14days@mail.com
Leave a comment